I-Crime Stop inezikhungo zokushayela izingcingo eziningi ezibhekene nokuqokelela ulwazi oluvela emphakathini ngezigebengu kanye nemisebenzi yazo yobugebengu. Amalunga omphakathi asizwa ngabasebenzi bama-call centre abaqeqeshwe kahle ngokuphendulana nezingcingo nokuthola ulwazi olufanele. Lokhu kwenza ukuthi abantu bakwazi ukwazisa abeNkonzo yezamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngobugebengu ngendlela ephephile futhi engabafaki kwisimo sengozi. Uma ufisa ungakhetha ukuthi ungazidaluli ukuthi ungubani. Ama-agent arekhoda nanikeza ulwazi ngezingcingo nokuthi ngobani abashayelayo awavunyelwe kwi-Crime Stop ukwenzela ukuthi abashayela izingcingo bakwazi ukuhlala bengaziwa uma bengafuni ukwaziwa. Ulwazi olunikezwayo luthunyelwa kumafokisi.
Qaphela: lokhu kwenziwa kuphela ngokuthola imvume yakho.
Oxhumana naye kwisikhungo sezingcingo uzokubuza imibuzo, kanti uma ulwazi onikezela ngalo, lungasetshenziswa, uzokunikeza inombolo yekhodi yakho wedwa.
Uma ulwazi lungeke lwasetshenziswa, oxhumana naye uzokuchazela ukuthi kungani lungeke lwasetshenziswa nokukunikeza iseluleko sendlela ongathola ngalo olunye ulwazi olubanzi.
Ulwazi olungasetshenziswa luxhunyaniswa nenombolo yekhodi onikezwe yona.
Uzocelwa ukuthi ushayele ucingo e-Crime Stop kwinombolo ethi: 08600 10 111 ngesikhathi esithile ukuchazelwa ukuthi ngabe ulwazi lube wusizo yini kanye nokuthola umklomelo uma ukufanele ukuwuthola.
Okuxhunyanwa naye ngocingo uzobeka phansi ucingo uma engakholwa ukuthi usenguye lomuntu oke washayela ucingo kuqala. Lena yindlela yokuvikeleka esetshenziswayo futhi ngeke kwabanezingxoxo ngayo.
Abe-Crime Stop bazodlulisela ulwazi olunikezwe kwabeyunithi ethize ephenyisisayo, ukuze balandelele indaba, kanti futhi nokubanikeza isicelo sokuthi babuyise umbiko kumahora angu-24 ngomphumela wophenyisiso ngokushesha ngendlela okungakhonakala ngayo.
Uma oshayela ucingo ukubika ngobugebengu ekufanele ukuthola umklomelo, isikhulu esiphenyisisayo, yisona okumele sibhekane nodaba lomklomelo kanye nendlela yokuthola umklomelo, ngokulandela inqubo yokukleyima ye-NI2/2001.
Abe-Crime Stop bazodlulisela ulwazi olunikezwe kwabeyunithi ethize ephenyisisayo, ukuze balandelele indaba, kanti futhi nokubanikeza isicelo sokuthi babuyise umbiko kumahora angu-24 ngomphumela wophenyisiso ngokushesha ngendlela okungakhonakala ngayo.
Uma wena oshayela ucingo ukubika ngobugebengu ukufanele ukuthola umklomelo, isikhulu esiphenyisisayo, yisona okumele sibhekane nodaba lomklomelo kanye nendlela yokuthola umklomelo, ngokulandela inqubo yokukleyima ye-National Information 2/2001.
Asikho isidingo sokugcwalisa amafomu ngoba ubugebengu bubikwa ngocingo. Kodwa, uma ubika ubugebengu ngokusebenzisa i-website yabakwa-SAPS, gcwalisa ifomu lemibono ngendlela ye-elektroniki.
